Uhezekeli 5:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Wena ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele yona njengempuco yomgundi, uyihambise ekhanda lakho nasesilevini sakho, uzithathele isilinganiso sokulinganisa, wahlukanise izinwele.

2. Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu, ugalele ngenkemba nxazonke zayo, nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni, ngihoshe inkemba emva kwazo.

3. Uyakuthatha khona eziyingcosana, uzibophele emiphethweni yengubo yakho.

4. Futhi kuzona uyakuthatha, uziphonse phakathi komlilo, uzishise ngomlilo; kuyakuvela lapho umlilo, ungene endlini yonke yakwa-Israyeli.

5. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lokhu kuyiJerusalema; ngilibekile phakathi kwezizwe, namazwe ayalihaqa.

6. Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo.

7. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo, ningahambi ngezimiso zami, ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,

Uhezekeli 5