Uhezekeli 48:33-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. “Nasohlangothini lwaseningizimu yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa, namasango, amathathu: elinye yisango lakwaSimeyoni, elinye yisango lakwa-Isakare, elinye yisango lakwaZebuloni.

34. “Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.

35. “Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.“Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”

Uhezekeli 48