Uhezekeli 48:29-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. “Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova.

30. “Nanka amacele omuzi: kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa.

31. Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.

32. “Nasohlangothini lwasempumalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango amathathu: elinye yisango lakwaJosefa, elinye yisango lakwaBenjamini, elinye yisango lakwaDani.

33. “Nasohlangothini lwaseningizimu yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa, namasango, amathathu: elinye yisango lakwaSimeyoni, elinye yisango lakwa-Isakare, elinye yisango lakwaZebuloni.

34. “Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.

35. “Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.“Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”

Uhezekeli 48