14. Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.
15. “Izinkulungwane eziyisihlanu ezisele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba ngezokungengcwele, zibe ngezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube phakathi nazo.
16. Nazi izilinganiso zalo: uhlangothi lwasenyakatho yizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwaseningizimu izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nasohlangothini lwasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu.
17. Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu.
18. Okusele ebudeni maqondana nomnikelo ongcwele kuyakuba yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele, izithelo zawo zibe ngukudla kwabasebenza emzini.
19. Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli.
20. Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.
21. “Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga, nasentshonalanga maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho.
22. Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.
23. “Izizwe eziseleyo-ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba nesabelo.
24. “Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo.
25. “Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Isakare uyakuba nesabelo.
26. “Ngasemkhawulweni wakwa-Isakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni uyakuba nesabelo.
27. “Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothi lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba nesabelo.
28. “Ngasemkhawulweni wakwaGadi, ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle Olukhulu.
29. “Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova.
30. “Nanka amacele omuzi: kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa.
31. Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.
32. “Nasohlangothini lwasempumalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango amathathu: elinye yisango lakwaJosefa, elinye yisango lakwaBenjamini, elinye yisango lakwaDani.