Uhezekeli 47:6-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile na?”Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.

7. Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha.

8. Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo.

Uhezekeli 47