1. Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.
2. Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene.
3. Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.
4. Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
5. Wayesebuye walinganisa inkulungwane; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulile, angamanzi okuhlamba, angumfula ongenakudatshulwa.
6. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile na?”Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.
7. Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha.
8. Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo.
9. Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili, kube yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefike khona lawa manzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona.
10. Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.
11. Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti.