Uhezekeli 46:4-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;

5. umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.

6. Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici.

7. Siyakulungisa umnikelo wempuphu: i-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.

8. Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume futhi ngendlela yawo.

9. Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.

10. Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.

11. “ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.

12. Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

13. “ ‘Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo.

14. Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo, inxenye yesithupha ye-efa* nenxenye yesithathu yehini* lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.

15. Bayakulungisa-ke iwundlu, nomnikelo wempuphu, namafutha ekuseni njalo, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.

16. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa.

17. Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso, siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka, bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.

18. Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.’ ”

19. Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi, abheke ngasenyakatho; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga.

Uhezekeli 46