Uhezekeli 46:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.

4. Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;

5. umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.

6. Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici.

7. Siyakulungisa umnikelo wempuphu: i-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.

8. Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume futhi ngendlela yawo.

9. Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.

10. Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.

11. “ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.

Uhezekeli 46