Uhezekeli 46:22-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye.

23. Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke.

24. Wathi kimi: “Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.”

Uhezekeli 46