Uhezekeli 46:18-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.’ ”

19. Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi, abheke ngasenyakatho; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga.

20. Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”

21. Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle, wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala.

22. Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye.

23. Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke.

24. Wathi kimi: “Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.”

Uhezekeli 46