1. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa, livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.
2. Isikhulu siyakungena ngendlela yompheme wesango ngaphandle, sime ngasensikeni yesango, abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa.
3. Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.
4. Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;
5. umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.
6. Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici.
7. Siyakulungisa umnikelo wempuphu: i-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.
8. Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume futhi ngendlela yawo.
9. Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.
10. Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.
11. “ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.