Uhezekeli 45:8-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kuyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami zingasacindezeli abantu bami, kepha zinike indlu yakwa-Israyeli njengezizwe zayo.

9. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.

10. Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nebhati* elilungileyo.

11. I-efa nebhati kuyakuba yisilinganiso sinye, ukuze ibhati lifumbathe okweshumi kwehomere,* ne-efa okweshumi kwehomere, isilinganiso salo sibe ngokwehomere.

12. Ishekeli* liyakuba ngamagera* angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane* kini.

13. “ ‘Lokhu kungumnikelo eniyakunikela ngawo: inxenye yesithupha ye-efa lehomere likakolweni nenxenye yesithupha ye-efa lehomere lebhali,*

14. namafutha anqunyiweyo, ibhati lamafutha: inxenye yeshumi yebhati lekhori* elingamabhati ayishumi njengehomere, ngokuba amabhati ayishumi ayihomere,

15. newundlu linye ezimvini ezingamakhulu amabili zasemadlelweni anamanzi akwa-Israyeli, libe ngumnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wokuthula ukubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova.

16. Bonke abantu bezwe bayakuba kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli.

17. Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.

18. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi, iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele.

19. Umpristi uyakuthatha kulo igazi lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, nasemagumbini omane onqenqema lwe-altare, nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi.

20. Uyakwenze njalo ngolwesikhombisa lwenyanga ngaye wonke umuntu odukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana.

Uhezekeli 45