13. “ ‘Lokhu kungumnikelo eniyakunikela ngawo: inxenye yesithupha ye-efa lehomere likakolweni nenxenye yesithupha ye-efa lehomere lebhali,*
14. namafutha anqunyiweyo, ibhati lamafutha: inxenye yeshumi yebhati lekhori* elingamabhati ayishumi njengehomere, ngokuba amabhati ayishumi ayihomere,
15. newundlu linye ezimvini ezingamakhulu amabili zasemadlelweni anamanzi akwa-Israyeli, libe ngumnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wokuthula ukubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova.
16. Bonke abantu bezwe bayakuba kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli.
17. Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.
18. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi, iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele.
19. Umpristi uyakuthatha kulo igazi lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, nasemagumbini omane onqenqema lwe-altare, nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi.
20. Uyakwenze njalo ngolwesikhombisa lwenyanga ngaye wonke umuntu odukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana.
21. “ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga, niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo.
22. Ngalolo suku isikhulu siyakuzilungisela sona nabantu bonke bezwe inkunzi ibe ngumnikelo wesono.
23. Izinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakulungisela uJehova umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici imihla ngemihla ngalezo zinsuku eziyisikhombisa, kanye nempongo imihla ngemihla ibe ngumnikelo wesono.