Uhezekeli 44:6-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Uyakusho kuyo indlu ehlubukileyo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nina ndlu yakwa-Israyeli, mazanele kini zonke izinengiso zenu,

7. lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.

8. Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.

9. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

10. “ ‘Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u-Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,

11. abe yizikhonzi endlini yami engcwele, abonise amasango endlu, akhonze endlini, ahlabe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yabantu, eme phambi kwabo ukuba abakhonze.

12. Ngokuba ebebakhonza phambi kwezithombe zabo, aba yisikhubekiso sobubi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngalokho ngiphakamisile isandla sami kuwo, isho iNkosi uJehova, athwale ububi bawo.

13. Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu, kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.

14. Yebo, ngiyakuwabeka abagcini benkonzo yendlu emsebenzini wonke wayo kukho konke okuyakwenziwa kuyo.

15. “ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;

16. bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.

17. “ ‘Kuyakuthi lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni, uboya bezimvu bungabathinti, lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.

18. Bayakuba nezigqoko zelineni emakhanda abo, babe namabhulukwe elineni okhalweni lwabo, bangabhinci okujulukisayo.

19. Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.

20. “ ‘Abayikuphucula amakhanda abo, bangavumi izihluthu zabo zibe zide, kepha bayakugunda amakhanda abo.

Uhezekeli 44