19. Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.
20. “ ‘Abayikuphucula amakhanda abo, bangavumi izihluthu zabo zibe zide, kepha bayakugunda amakhanda abo.
21. Akuyikuphuza iwayini noyedwa umpristi, lapho bengena egcekeni elingaphakathi.
22. Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.
23. Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.
24. “ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.
25. “ ‘Abayikuthinta ofileyo, funa bazingcolise, kepha ngoyise, nangonina, nangendodana, nangendodakazi, nangomfowabo, nangodadewabo ongenandoda bangazingcolisa.
26. Nxa esehlambulukile, uyakubalelwa izinsuku eziyisikhombisa.
27. Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.
28. “ ‘Bayakuba nefa; mina ngiyifa labo; aniyikubanika imfuyo kwa-Israyeli; mina ngiyimfuyo yabo.
29. Bayakudla umnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, konke okwahlukanisiweyo kwa-Israyeli kube ngokwabo.