13. Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu, kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.
14. Yebo, ngiyakuwabeka abagcini benkonzo yendlu emsebenzini wonke wayo kukho konke okuyakwenziwa kuyo.
15. “ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;
16. bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.
17. “ ‘Kuyakuthi lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni, uboya bezimvu bungabathinti, lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.
18. Bayakuba nezigqoko zelineni emakhanda abo, babe namabhulukwe elineni okhalweni lwabo, bangabhinci okujulukisayo.
19. Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.
20. “ ‘Abayikuphucula amakhanda abo, bangavumi izihluthu zabo zibe zide, kepha bayakugunda amakhanda abo.
21. Akuyikuphuza iwayini noyedwa umpristi, lapho bengena egcekeni elingaphakathi.
22. Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.
23. Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.
24. “ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.
25. “ ‘Abayikuthinta ofileyo, funa bazingcolise, kepha ngoyise, nangonina, nangendodana, nangendodakazi, nangomfowabo, nangodadewabo ongenandoda bangazingcolisa.
26. Nxa esehlambulukile, uyakubalelwa izinsuku eziyisikhombisa.
27. Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.