Uhezekeli 43:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesengiyisa esangweni, isango elibheke ngasempumalanga;

2. bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.

3. Kwaba njengesimo sombono engawubonayo, yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.

4. Inkazimulo kaJehova yangena endlini ngendlela yesango elibheke ngasempumalanga.

5. UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.

6. Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu; kwakumi umuntu eceleni kwami.

7. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,

8. bebeka umbundu wabo ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kube ludonga kuphela phakathi kwami nabo, belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo, okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.

9. Manje mabadedisele kude nami ukuphinga kwabo, nezidumbu zamakhosi abo, ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.

Uhezekeli 43