Uhezekeli 42:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle ngasenyakatho, wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, elimalungana nesakhiwo ngasenyakatho,

2. ohlangothini olude, ubude balo buyizingalo eziyikhulu, umnyango ungasenyakatho; ububanzi babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.

3. Malungana nezingalo ezingamashumi amabili ezazingezegceke elingaphakathi, namalungana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kwakukhona umpheme malungana nompheme eyelakanyene kathathu.

Uhezekeli 42