1. Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.*
2. Ububanzi bomnyango babuyizingalo eziyishumi; amacele omnyango ayeyizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; walinganisa ubude balo: yizingalo ezingamashumi amane; nobubanzi balo: yizingalo ezingamashumi amabili.
3. Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa.
4. Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.”
5. Wayeselinganisa udonga lwendlu: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.
6. Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye, engamashumi amathathu ngomumo. Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.
7. Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka njalo nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.
8. Ngabona ukuthi indlu yayinendunduma nxazonke; izisekelo zamakamelo ezinhlangothi zaziluhlanga olupheleleyo lwezingalo eziyisithupha kuze kube sekuhlanganisweni phezulu.