37. Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
38. Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.
39. Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.
40. Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula amabili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.
41. Amatafula amane ayengalapha, namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo.
42. Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaziweyo, ubude buyingalo nenxenye, nobubanzi buyingalo nenzenye, nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.
43. Izingwegwe, ubude bazo bungububanzi besandla, zazifakiwe ngaphakathi nxazonke; ematafuleni kwakukhona inyama yomnikelo.
44. Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi, eliseceleni kwesango lasenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga, libheke ngasenyakatho.
45. Wathi kimi: “Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabapristi abagcina inkonzo yasendlini.
46. Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabapristi abagcina inkonzo yase-altare; bangamadodana kaSadoki aphakathi kwamadodana kaLevi, asondela kuJehova ukumkhonza.”
47. Wayeselilinganisa igceke, ubude balo buyizingalo eziyikhulu, nobubanzi buyizingalo eziyikhulu, yizinhlangothi ezine; i-altare laliphambi kwendlu.
48. Wayesengingenisa emphemeni wendlu, walinganisa izinsika zompheme: yizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; ububanzi besango babuyizingalo ezintathu ngalapha nezingalo ezintathu ngalapha.