Uhezekeli 40:31-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisihiyagalombili.

32. Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,

33. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

34. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

35. Wayesengiyisa esangweni lasenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso zasenhla,

36. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

37. Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

38. Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.

39. Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.

40. Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula amabili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.

41. Amatafula amane ayengalapha, namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo.

Uhezekeli 40