Uhezekeli 40:28-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; walilinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zasenhla.

29. Amakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo kwakunjengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo nxazonke; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

30. Kwakukhona imengamo nxazonke, ubude bayo buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, nobubanzi bayo buyizingalo eziyisihlanu.

31. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisihiyagalombili.

32. Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,

33. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

34. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

35. Wayesengiyisa esangweni lasenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso zasenhla,

36. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

37. Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

38. Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.

39. Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.

40. Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula amabili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.

41. Amatafula amane ayengalapha, namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo.

42. Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaziweyo, ubude buyingalo nenxenye, nobubanzi buyingalo nenzenye, nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.

Uhezekeli 40