Uhezekeli 40:20-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.

21. Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango sokuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

22. Amafasitele alo, nemengamo yalo, namasundu alo kwakunjengesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezinyathelo eziyisikhombisa; imengamo yalo yayiphambi kwalezi.

23. Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.

24. Wayesengiyisa ngaseningizimu; bheka, isango lingaseningizimu; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla.

25. Kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke njengamafasitele angenhla; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

26. Kwakukhona izinyathelo eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, imengamo iphambi kwazo; lalinamasundu, lilinye ngalapha nelinye ngalapha ezinsikeni zalo.

Uhezekeli 40