Uhezekeli 40:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Indawo egandayiweyo yayiseceleni kwamasango, ilingene nobude bamasango; lokhu kwakuyindawo egandayiweyo ephansi.

19. Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingenzansi kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle: yizingalo eziyikhulu ngasempumalanga nangasenyakatho.

20. Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.

21. Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango sokuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

22. Amafasitele alo, nemengamo yalo, namasundu alo kwakunjengesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezinyathelo eziyisikhombisa; imengamo yalo yayiphambi kwalezi.

23. Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.

Uhezekeli 40