Uhezekeli 39:2-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyuse ekugcineni komhlaba, ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli,

3. ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.

4. Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.

5. Uyakuwa ebusweni bomhlaba, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.

6. Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.

7. “ ‘Ngiyakwenza ukuba laziwe igama lami elingcwele phakathi kwabantu bami u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli.

8. Bheka, kuyeza, kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova; yilolo suku engikhulume ngalo.

9. “ ‘Abahlala emizini yakwa-Israyeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu, iminsalo nemicibisholo, nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa.

10. Abayikuthatha muthi endle, bangagawuli emahlathini, ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali, baphange ababaphangayo, bamuke ababamukileyo, isho iNkosi uJehova.

11. “ ‘Kuyakuthi ngalolo suku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna, kwa-Israyeli, isiGodi Sabadlulayo ngasempumalanga kolwandle, ivimbe abadlulayo, bembele khona uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoni Gogi.

12. “ ‘Indlu yakwa-Israyeli iyakubembela izinyanga eziyisikhombisa, ukuze ihlambulule izwe.

13. Bonke abantu bezwe bayakubembela, kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.

14. “ ‘Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe, bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.

15. Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu, bayakumisa isiboniso eceleni kwalo, abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi.

16. Kuyakuba khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni. Bayakuhlambulula kanjalo izwe.’

17. “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: ‘Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu, umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.

18. Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.

Uhezekeli 39