Uhezekeli 39:12-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “ ‘Indlu yakwa-Israyeli iyakubembela izinyanga eziyisikhombisa, ukuze ihlambulule izwe.

13. Bonke abantu bezwe bayakubembela, kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.

14. “ ‘Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe, bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.

15. Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu, bayakumisa isiboniso eceleni kwalo, abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi.

16. Kuyakuba khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni. Bayakuhlambulula kanjalo izwe.’

17. “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: ‘Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu, umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.

18. Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.

19. Niyakudla amanoni nize nisuthe, niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu.

20. Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi,’ isho iNkosi uJehova.

21. “Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe, zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.

22. Isiyakwazi indlu yakwa-Israyeli ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, kusukela kulolo suku kuya phambili.

23. Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba.

24. Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngasitheza ubuso bami kubo.

25. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.

26. Bayakuthwala ihlazo labo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi, lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,

27. lapho ngibabuyisile kubantu, ngibabuthile emazweni ezitha zabo, ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi.

Uhezekeli 39