Uhezekeli 38:17-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?

18. Kuyakuthi ngalolo suku lapho uGogi efika ezweni lakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami.

19. Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwa-Israyeli

20. ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.

21. Ngiyakumbizela inkemba kuzo zonke izintaba zami, isho iNkosi uJehova, inkemba yalowo nalowo imelane nomfowabo.

Uhezekeli 38