Uhezekeli 38:16-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.

17. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?

18. Kuyakuthi ngalolo suku lapho uGogi efika ezweni lakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami.

19. Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwa-Israyeli

Uhezekeli 38