14. “Ngalokho profetha, ndodana yomuntu, uthi kuGogi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngalolo suku, lapho abantu bami u-Israyeli behlala belondekile, angithi uyakukwazi na?
15. Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho, wena nabantu abaningi kanye nawe, bonke bekhwele amahhashi, iviyo elikhulu nempi enamandla,
16. ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.
17. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?
18. Kuyakuthi ngalolo suku lapho uGogi efika ezweni lakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami.
19. Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwa-Israyeli