Uhezekeli 38:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuGogi, izwe likaMagogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali, uprofethe ngaye,

3. uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali;

4. ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho, amahhashi nabamahhashi, bonke bembethe kahle kakhulu, iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba,

5. iPheresiya, neKushe, noPhuthi kukanye nabo, bonke benezihlangu nezigqoko zensimbi,

6. iGomere nawo onke amaviyo alo, indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe.

7. “ ‘Lungela, yebo, uzilungisele, wena nawo onke amaviyo akho abuthene kuwe, ube ngumgcini wawo.

8. Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni, liqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezaziyincithakalo njalo, eselikhishiwe kubantu, bahlale belondekile bonke.

9. Uyakukhuphuka, ufike njengesivunguvungu, usibekele izwe njengefu, wena nawo onke amaviyo akho, nabantu abaningi kanye nawe.

Uhezekeli 38