Uhezekeli 37:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.

2. Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.

3. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?”Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”

4. Wayesethi kimi: “Profetha phezu kwalawa mathambo, uthi kuwo: ‘Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.

5. Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile.

6. Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”

7. Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe, nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo.

8. Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo, kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.

9. Wayesethi kimi: “Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.’ ”

10. Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe; umoya wangena kuwo, aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu impela.

11. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.’

Uhezekeli 37