6. ngalokho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.
7. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.
8. “ ‘Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya.
9. Ngokuba bhekani, nginani; ngiyakuphendukela kini, niyakulinywa, nihlwanyelwe.
10. Ngiyakwandisa abantu phezu kwenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, yonke yayo; imizi iyakuhlalwa, nezindawo ezichithekileyo ziyakwakhiwa.
11. Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.
12. Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu, abantu bami u-Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.