5. yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;’
6. ngalokho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.
7. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.
8. “ ‘Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya.
9. Ngokuba bhekani, nginani; ngiyakuphendukela kini, niyakulinywa, nihlwanyelwe.
10. Ngiyakwandisa abantu phezu kwenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, yonke yayo; imizi iyakuhlalwa, nezindawo ezichithekileyo ziyakwakhiwa.
11. Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.
12. Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu, abantu bami u-Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.
13. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba bathi kuwe: “Wena ungodlayo abantu, waphucile abantwana besizwe sakini,”
14. ngalokho awusayikudla abantu, ungasaphuci abantwana besizwe sakini, isho iNkosi uJehova.
15. Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.’ ”
16. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
17. “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe.