Uhezekeli 36:32-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.

33. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo.

34. Izwe elaliyize liyakulinywa esikhundleni sokuba yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo.

35. Bayakuthi: “Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.”

36. Seziyakwazi izizwe ezisele nxazonke zenu ukuthi mina Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo, ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza.’

37. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.

38. Njengomhlambi ongcwelisiweyo, njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo, kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.”

Uhezekeli 36