14. ngalokho awusayikudla abantu, ungasaphuci abantwana besizwe sakini, isho iNkosi uJehova.
15. Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.’ ”
16. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
17. “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe.
18. Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.
19. Ngabahlakazela phakathi kwezizwe, basabalaliselwa emazweni; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo.