Uhezekeli 36:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Wena ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova.

2. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe, sithi: “Ashila,” nokuthi: “Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,” ’

3. ngalokho profetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu,

4. ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,

Uhezekeli 36