Uhezekeli 35:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni yaseSeyiri, uprofethe ngayo,

3. uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami, ngikwenze incithakalo nokuyize.

4. Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane, wena ube yincithakalo, wazi ukuthi nginguJehova.

5. “ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi,

6. ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ube yigazi, igazi likuxoshe; ngokuba ungazondanga igazi, igazi liyakukulandela.

7. Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe yincithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo.

Uhezekeli 35