28. Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.
29. Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayikususwa yindlala ezweni, zingasalithwali ihlazo labezizwe.
30. Ziyakwazi ukuthi mina Jehova uNkulunkulu wazo nginazo nokuthi zona, indlu yakwa-Israyeli, zingabantu bami, isho iNkosi uJehova.
31. Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ”