13. Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe.
14. Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle, isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa-Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli.
15. Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, ngenze ukuba zibuthise, isho iNkosi uJehova.
16. Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.
17. “ ‘Nina-ke, zimvu zami, isho iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezimpongo.
18. Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu, nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na?
19. Izimvu zami ziyadla okunyathelwe ngezinyawo zenu, ziphuza okudungiwe ngezinyawo zenu.
20. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kuzo, ithi: Bhekani, mina ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondileyo.
21. Ngokuba nisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,
22. ngiyakusindisa izimvu zami, azisayikuba yimpango, ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu.
23. Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.
24. Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.