Uhezekeli 34:10-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu, abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.

11. “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge.

12. Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.

13. Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe.

14. Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle, isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa-Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli.

15. Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, ngenze ukuba zibuthise, isho iNkosi uJehova.

16. Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.

17. “ ‘Nina-ke, zimvu zami, isho iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezimpongo.

18. Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu, nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na?

19. Izimvu zami ziyadla okunyathelwe ngezinyawo zenu, ziphuza okudungiwe ngezinyawo zenu.

20. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kuzo, ithi: Bhekani, mina ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondileyo.

21. Ngokuba nisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,

22. ngiyakusindisa izimvu zami, azisayikuba yimpango, ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu.

23. Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.

24. Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.

25. “ ‘Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.

26. Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.

Uhezekeli 34