1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa-Israyeli; profetha uthi kubo, kubelusi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubelusi bakwa-Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na?
3. Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi.
4. Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyiphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni.