1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: ‘Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba, abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo,
3. nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe, abethe icilongo, axwayise abantu,
4. okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa, bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe.
5. Ukukhala kwecilongo wakuzwa, kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile.
6. Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla, angabethi icilongo, abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo, uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’
7. “Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.
8. Lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wungakhulumi ukuba uxwayise omubi ashiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
9. Kepha uma umxwayisa omubi ukuba ashiye indlela yakhe, abuye kuyo, angabuyi kodwa endleleni yakhe, uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha wena uzikhululile.
10. “Wena ndodana yomuntu, yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Nisho kanje, nithi: “Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphezu kwethu, siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?” ’
11. Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’
12. “Kepha wena ndodana yomuntu, yisho kubantwana babantu bakho, uthi: ‘Ukulunga kolungileyo akuyikumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe, nobubi-ke bomubi akayikuwa ngabo ngosuku lokubuya kwakhe ebubini bakhe, nolungileyo akanakuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.’
13. Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila, yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo.