Uhezekeli 32:5-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni,ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.

6. Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakhongegazi lakho kuze kube sezintabeni,imifudlana igcwale ngawe.

7. Lapho ngikucisha,ngiyakusibekela izulu,ngenze mnyama izinkanyezi,ngimboze ilanga ngefu,inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.

8. Ngiyakwenza mnyama phezu kwakhozonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo,ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.

9. Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi,lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweniemazweni ongawazanga.

10. Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe,amakhosi abo aqhakanyeke,lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo,aqhaqhazele imizuzwana yonke,kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.

11. “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Inkemba yenkosi yaseBabele iyakukwehlela.

12. Ngezinkemba zamaqhawe ngiyakuwisa isixuku sakho,bonke bengabesabekayo bezizwe;bayakuchitha ukuziphakamisa kweGibithe,sonke isixuku salo sichitheke.

13. Ngiyakuqothula zonke izinkomo zalo ezingasemanzini amaningi,angabe esanyakaziswa lunyawo lomuntu,anganyakaziswa yizinselo zezinkomo.

14. Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle,ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.

15. Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane,izwe elingasenokugcwala kwalo,lapho ngibulala bonke abakhe kulo,khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’

16. “Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”

17. Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Uhezekeli 32