Uhezekeli 32:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye:“ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe,kepha unjengodrako* elwandle,lapho ufohlela emifudlaneni yakho,unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho,udunga izikhukhula zawo.

3. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakhongesixuku sabantu abaningi,bakukhuphule ngenetha lami.

4. Ngiyakukuphonsa emhlabathini,ngikuntshinge endle,ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu,ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.

5. Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni,ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.

6. Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakhongegazi lakho kuze kube sezintabeni,imifudlana igcwale ngawe.

7. Lapho ngikucisha,ngiyakusibekela izulu,ngenze mnyama izinkanyezi,ngimboze ilanga ngefu,inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.

Uhezekeli 32