Uhezekeli 31:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle;izingatsha zawo zandiswa,namagatsha awo elulwangamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.

6. Zonke izinyoni zezulu zakha emagatsheni awo,zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo;emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.

7. Wawusumuhle ebukhulwini bawo,ngobude bamagatsha awo,ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.

8. Imisedari* yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha,imisayipuresi* yayingafani nezingatsha zawo,nemipelatani* yayingenjengamagatsha awo,futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.

9. Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo,imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkuluyaze yaba nomhawu.

10. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,

Uhezekeli 31