Uhezekeli 31:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.

16. Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlela egodini; yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni, yonke ephuze amanzi, yaduduzwa kokuphansi komhlaba.

17. Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo, ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.

18. “ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”

Uhezekeli 31