1. Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nasesixukwini sakhe:“ ‘Ufana nobani ebukhulwini bakho na?
3. Bheka, ungumkhoba,ungumsedari* waseLebanoni;unamagatsha amahle,namaqabunga anomthunzi,nesiqu esiphakemeyo;isihloko sawo siphakathi kwamafu.
4. Amanzi awukhulisa,utwa lwawuphakamisa;imifula yawo yahamba yazungeza indawo yokutshalwa kwawo;yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.
5. Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle;izingatsha zawo zandiswa,namagatsha awo elulwangamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.