Uhezekeli 31:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nasesixukwini sakhe:“ ‘Ufana nobani ebukhulwini bakho na?

3. Bheka, ungumkhoba,ungumsedari* waseLebanoni;unamagatsha amahle,namaqabunga anomthunzi,nesiqu esiphakemeyo;isihloko sawo siphakathi kwamafu.

4. Amanzi awukhulisa,utwa lwawuphakamisa;imifula yawo yahamba yazungeza indawo yokutshalwa kwawo;yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.

5. Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle;izingatsha zawo zandiswa,namagatsha awo elulwangamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.

6. Zonke izinyoni zezulu zakha emagatsheni awo,zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo;emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.

7. Wawusumuhle ebukhulwini bawo,ngobude bamagatsha awo,ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.

8. Imisedari* yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha,imisayipuresi* yayingafani nezingatsha zawo,nemipelatani* yayingenjengamagatsha awo,futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.

9. Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo,imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkuluyaze yaba nomhawu.

10. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,

11. ngiyakuwunikela esandleni sonamandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe.

12. Abafokazi, abesabekayo bezizwe, bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini, nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.

13. Encithakalweni yawo kuyakuhlala zonke izinyoni zezulu, zonke izilwane zasendle zibe semagatsheni awo

Uhezekeli 31