23. Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
24. Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.
25. Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.
26. Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”