Uhezekeli 30:15-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini,inqaba yaseGibithe,nginqume isixuku saseNo.

16. Ngiyakuphemba umlilo eGibithe,iSini libe nemihelo emikhulu,iNo lifohlwe,iNofi lihlaselwe emini.

17. Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,imizi iye ekuthunjweni.

18. EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;lona-ke, ifu liyakulisibekela,namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.

19. Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

20. Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

21. “Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.

22. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.

23. Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.

24. Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.

25. Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.

26. Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”

Uhezekeli 30